Description
Iqukethe umlando wamabandla azimele, ukuhlubuka kwawo kulawo abuya ngaphesheya nokuthuthuka kwawo ebunzimeni obukhulu. Amaqhawe awo, umzabalazo wawo wokuhlonishwa. Iqhaza alibambile kumzabalazo wezombangazwe. UBaba uNgada lapha usifundisa ukuthi akulona iqiniso ukuthi fanele uphenduke kabili ukuze ube umKrestu. Uqale uphendukele ukuba umlungu, ube negama lesilungu, ugqoke izingubo zabo, wenze namasiko abo ukuze uzohlanzeka ngokwenele ukuze bakwethule kuKrestu wabo, bese ke uyazinikela ube umKrestu oqotho. UmAfrika noma umZulu angaziphendukela ngokwakhe akhonze ngendlela adalwe ngayo angazami ukuzenza into angeyona.








Reviews
There are no reviews yet.